NgokukaLuka 21:25-38
NgokukaLuka 21:25-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu. Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke. Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. “Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele, ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke. Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.” Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo. Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.
NgokukaLuka 21:25-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi; Izinhliziyo zabantu ziphela amandla ngokwesaba nangokubheka izinto ezizayo emhlabeni, ngokuba amandla ezulu ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza ngeyezi inamandla nenkazimulo enkulu. Nxa lezi zinto seziqala ukwenzeka, sukumani niphakamise amakhanda enu; ngoba ukukhululwa kwenu sekusondele. Wasebatshela umfanekiso; Bhekani umkhiwane nemithi yonke; nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe. Ngokuba njengogibe liyakufika phezu kwabo bonke abahlezi ebusweni bomhlaba wonke. Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu. Emini wayefundisa ethempelini; ebusuku waphuma wayahlala entabeni ethiwa iNtaba Yeminqumo. Bonke abantu babesiza kuye ekuseni kakhulu ethempelini ukuba bamzwe.
NgokukaLuka 21:25-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 21:25-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo. Abantu bayakuquleka ngenxa yokwesaba nangokulindela lokho okuyakwehlela umhlaba, ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu. Kepha uma sekuqala ukwenzeka lokho, sukumani nime, niphakamise amakhanda enu, ngokuba ukuhlengwa kwenu sekusondele.” Wabatshela umzekeliso, wathi: “Ake nibheke umkhiwane nezihlahla zonke. Kuthi uma kuhluma amacembe, nibone, futhi nazi ukuthi sekuthwasa ihlobo. Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu kwenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususeduze. “Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukwedlula kungakenzeki konke lokho. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. “Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume, ngokuba luyakufika njengogibe kubo bonke abantu abasebusweni bomhlaba wonke. Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.” Ngalezo zinsuku uJesu wayefundisa ethempelini emini, bese kuthi ebusuku ahambe ayolala entabeni okuthiwa eYeminqumo. Bonke abantu babevuka ekuseni ngovivi baye ethempelini, ukuba bamlalele.