NgokukaLuka 21

21
Umnikelo Womfelokazi
(Mak. 12:41)
1 Kwathi lapho ebheka, wabona izicebi zifaka iminikelo yazo emphongolweni womnikelo. 2Wabona futhi nomfelokazi othile, ompofu, efaka kuwo izinhlamvana zemali ezimbili. 3UJesu wayesethi: “Ngiqinisile ngithi kini: lo mfelokazi ompofu ufake okuningi kunabo bonke. 4Ngokuba bonke laba abanye bafake emnikelweni bethatha kokuningi; kodwa yena ekuntuleni kwakhe, ukhiphe konke abephila ngakho.”
UJesu Ukhuluma Ngokudilizwa Kwethempeli
(Mat. 24:1; Mak. 13:1)
5Kwathi abanye besababaza ubuhle bethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho ezinhle, uJesu wayesethi kubo: 6 “Kuyakufika izinsuku lapho kulokhu enikubonayo, kungayukushiywa itshe phezu kwelinye elingayukudilizelwa phansi.”
Izinhlupheko Nezibonakaliso Ngezinsuku Zokugcina
7Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokuthi sekuzakwenzeka na?”
8Wathi: “Qaphelani, ningadukiswa, ngokuba kuyakuvela abaningi egameni lami, bathi: ‘Nginguye,’ babuye bathi: ‘Isikhathi sesisondele.’ Ningabalandeli. 9Uma nizwa ngezimpi nangeziyaluyalu, ningesabi, ngokuba kufanele ukuba zenzeke lezi zinto kuqala, kodwa kuyobe kungakabi umhla wokuphela.”
10Wayesethi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso. 11Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kubhoke indlala ezindaweni eziningi, kube khona ubhubhane, izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
12 “Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. 13Lokhu kuyakuninika ithuba lokuba nifakaze. 14 Ngakho-ke kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuze ningazindli ngokuthi niyakuziphendulela nithini, 15ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani. 16Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo. 17Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. 18Nokho akuyukulahleka nalunye ezinweleni zekhanda lenu. 19 Ekubekezeleni kwenu, niyakuzuza ukuphila kwenu.”
UJesu Ubikezela Ngokubhujiswa KweJerusalema
20“Kuyakuthi nxa nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo. 21Ngakho-ke labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni; abakulo, mabaphume baphele; abasemasimini, abangangeni kulo. 22 Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo. 23Wo, kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni, nentukuthelo yehlele phezu kwalesi sizwe. 24 Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”
Ukubuya KweNdodana Yomuntu
25 “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo. 26Abantu bayakuquleka ngenxa yokwesaba nangokulindela lokho okuyakwehlela umhlaba, ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. 27 Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu. 28Kepha uma sekuqala ukwenzeka lokho, sukumani nime, niphakamise amakhanda enu, ngokuba ukuhlengwa kwenu sekusondele.”
Umzekeliso Ngomkhiwane Nezihlahla
29Wabatshela umzekeliso, wathi: “Ake nibheke umkhiwane nezihlahla zonke. 30Kuthi uma kuhluma amacembe, nibone, futhi nazi ukuthi sekuthwasa ihlobo. 31Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu kwenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususeduze.
32“Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukwedlula kungakenzeki konke lokho. 33 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
Isizathu Sokulinda
34“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume, 35ngokuba luyakufika njengogibe kubo bonke abantu abasebusweni bomhlaba wonke. 36Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”
37 Ngalezo zinsuku uJesu wayefundisa ethempelini emini, bese kuthi ebusuku ahambe ayolala entabeni okuthiwa eYeminqumo. 38Bonke abantu babevuka ekuseni ngovivi baye ethempelini, ukuba bamlalele.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 21: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo