NgokukaLuka 21:25-38

NgokukaLuka 21:25-38 ZUL59

“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu. Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke. Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. “Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele, ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke. Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.” Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo. Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.