Wasesithi kubo: Batsho njani ukuthi uKristu uyindodana kaDavida? UDavida uqobo lwakhe uthi egwalweni lwamaHubo: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami; ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho. Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi, pho uyindodana yakhe kanjani na? Kwathi sezilalele ixuku lonke wathi kubafundi bakhe. Xwayani ababhali, abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphakeme emasinagogeni, nezihlalo eziphambili ekudleni; abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; labo bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.
Funda Luka 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 20:41-47
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo