UJesu wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKhristu uyiNdodana kaDavide na? Ngokuba uDavide uqobo, uthi eNcwadini yaMahubo: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami, hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho, zibe yisenabelo sezinyawo zakho.’ ” “Ngakho-ke uDavide umbiza ngeNkosi. Pho-ke uyiNdodana yakhe kanjani na?” Kuthe bonke abantu besalalele, wathi kubafundi bakhe: “Zixwayeni izazimthetho, ezifuna ukuhamba zigqoke izingubo ezinde; zithanda ukubingelelwa ezindaweni zokuhwebelana, nokuhlala ezihlalweni eziqavile emasinagogeni, nasemadilini. Zidla izindlu zabafelokazi, zikhuleke isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukela ukwehlulelwa okukhulu.”
Funda NgokukaLuka 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 20:41-47
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo