Luka 19:1-10

Luka 19:1-10 CZB24

UJesu wangena wadabula iJeriko. Bheka, kwakukhona indoda igama layo linguZakewu, iyinhloko yabathelisi, inothile; Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; wahluleka ngenxa yexuku, ngoba wayemude. Wasegijimela phambili, wakhwela esihlahleni somthombe ukuthi ambone, ngoba wayezadlula ngaleyondlela. Kwathi uJesu efika kuleyo ndawo, wabheka phezulu, wayibona, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle; ngoba lamuhla ngimele ukuhlala endlini yakho. Waseshesha wehla, wamamukela ngokuthokoza. Sebekubonile bonke bakhonona, besithi: Ungene ukuvakatshela indoda eyisoni. UZakewu wema wathi eNkosini; Bheka, Nkosi, inxenye yempahla yami ngiyipha abampofu; futhi uma ngithathe utho kumuntu ngamanga, ngimbuyisela ngokuphindwe kane. UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso isifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa obekulahlekile.

Funda Luka 19

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 19:1-10

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo