NgokukaLuka 19:1-10

NgokukaLuka 19:1-10 ZUL59

Wangena eJeriko, wadabula khona. Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguZakewu, ingumthelisi omkhulu, icebile. Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; yahluleka ngenxa yesixuku, ngokuba yayimfushane. Yagijimela phambili, yakhwela emthombeni ukuba imbone, ngokuba ebezakudlula ngakhona. Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.” Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza. Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.” Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.” UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 19:1-10

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo