Luka 13:10-17

Luka 13:10-17 CZB24

Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. Bheka, kwakukhona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eqhothile engakwazi nokusukuma. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho. Wasebeka izandla phezu kwakhe; njalo wahle waqonda, wadumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha usuku. INkosi yasiphendula yathi kuye: Mzenzisi, ngulowo lalowo wenu kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe kumbe imbongolo yakhe esibayeni, ayiyise ukuyiphuzisa? Nalo wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, uSathane ambophile, bheka, le minyaka eyishumi nesishiyagalombili bekungafanele yini akhululwe kulesi sibophelelo ngosuku lwesabatha na? Eseshilo lokho, bajabha bonke ababemelene naye

Funda Luka 13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo