NgokukaLuka 13:10-17

NgokukaLuka 13:10-17 ZUL20

UJesu wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. Lapho kwakukhona owesifazane owayenomoya omubi usumgulise iminyaka eli-18; wayeseze waqhotha, engasakwazi ukuma aqonde. UJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, usuphilisiwe ekuguleni obunakho.” Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.” Kepha iNkosi yamphendula, yathi: “Bazenzisi, yilowo nalowo kini kayikhiphi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe esibayeni, ayiqhube ukuba iyophuza na? Bekungafanele yini-ke lo oyindodakazi ka-Abhrahama, obeboshwe nguSathane, iminyaka eli-18, ukuba akhululwe kulokho kuboshwa ngosuku lwesabatha na?” Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye, kepha isixuku sonke sathokoza ngenxa yemisebenzi yonke emangalisayo ayenzileyo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo