Luka 13

13
Luka 13
1Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanise nemihlatshelo yabo.
2UJesu waphendula wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babeyizoni kunabaseGalile bonke ngokuba behlushwe ngalezi zinto na?
3Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.
4Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babeyizoni kunabo bonke abantu abakhileyo eJerusalema na?
5Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.
6Wasekhuluma lomfanekiso; Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza wadinga isithelo kuwo, kodwa akasitholanga.
7Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; uwuthelelelani umhlabathi?
8Yaphendula yathi kuye: “Nkosi, wuyeke nangalo nyaka, ngize ngimbe emaceleni awo, ngithele umquba;
9Uma uthela isithelo, kuhle; uma kungenjalo, wowugawula emva kwalokho.
10Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha.
11Bheka, kwakukhona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eqhothile engakwazi nokusukuma.
12Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.
13Wasebeka izandla phezu kwakhe; njalo wahle waqonda, wadumisa uNkulunkulu.
14Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha usuku.
15INkosi yasiphendula yathi kuye: Mzenzisi, ngulowo lalowo wenu kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe kumbe imbongolo yakhe esibayeni, ayiyise ukuyiphuzisa?
16Nalo wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, uSathane ambophile, bheka, le minyaka eyishumi nesishiyagalombili bekungafanele yini akhululwe kulesi sibophelelo ngosuku lwesabatha na?
17Eseshilo lokho, bajabha bonke ababemelene naye;
18Wasesithi: Umbuso kaNkulunkulu ufana lani? futhi ngiyakulifanisa nani?
19Unjengohlamvu lwesinaphi, aluthatha umuntu, waluphonsa ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi omkhulu; izinyoni zezulu zahlala emagatsheni awo.
20Wabuye wathi: “Ngingawufanisa nani umbuso kaNkulunkulu na?
21Ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.
22Wasedabula imizi lemizana efundisa, elibangise eJerusalema.
23Omunye wasesithi kuye: Nkosi, balutshwana abasindiswayo yini? Wathi kubo.
24Phikelelani ukungena ngesango elincane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, kodwa bahluleke.
25Nxa umninindlu esesukumile wavala umnyango, seliqala ukuma ngaphandle lokungqongqotha emnyango, lisithi: Nkosi, Nkosi, sivulele; uyakuphendula athi kini: Anginazi lapho nivela khona;
26Khona niyakuqala ukuthi: ‘Sadla, saphuza phambi kwakho, wafundisa emigwaqweni yakithi.’
27Kodwa uzakuthi: Ngithi kini: Kangilazi lapho elivela khona; sukani kimi nina nonke benzi bokubi.
28Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.
29Bayakuza bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu.
30Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala, kukhona abokuqala abayakuba ngabokugcina.
31Ngalolo suku kwafika abaFarisi abathile, bathi kuye: “Phuma, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.
32Wathi kubo: “Hambani niyitshele leyo mpungushe ukuthi: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukisa abantu namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.
33Nokho ngimelwe ukuhamba namuhla nakusasa nangomuso, ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.
34Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!
35Bhekani, indlu yenu isisala nani; ngiqinisile ngithi kini: Aniyikungibona, kuze kufike isikhathi eniyakusho ngaso ukuthi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’

Okuqokiwe okwamanje:

Luka 13: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo