Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanise nemihlatshelo yabo. UJesu waphendula wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babeyizoni kunabaseGalile bonke ngokuba behlushwe ngalezi zinto na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke. Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babeyizoni kunabo bonke abantu abakhileyo eJerusalema na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke. Wasekhuluma lomfanekiso; Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza wadinga isithelo kuwo, kodwa akasitholanga. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; uwuthelelelani umhlabathi? Yaphendula yathi kuye: “Nkosi, wuyeke nangalo nyaka, ngize ngimbe emaceleni awo, ngithele umquba
Funda Luka 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 13:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo