NgokukaLuka 13:1-8

NgokukaLuka 13:1-8 ZUL20

Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile ababikela uJesu ngabaseGalile, abagazi labo uPilatu ayelixube nelemihlatshelo yabo. Waphendula wathi kubo: “Nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni kunabo bonke yini abanye baseGalile, ngokuba behlelwa yilowo mshophi na? Ngithi kini: akunjalo, kodwa uma ningaphenduki, niyakubhubha nonke njengabo. Nalabo abali-18 okwawela kubo umbhoshongo eSilowama, wababulala, nisho ukuthi babeyizoni ukwedlula bonke abantu ababehlala eJerusalema na? Ngithi akunjalo: kodwa uma ningaphenduki niyakubhubha nonke njengabo.” Wayesebalandisa lo mzekeliso wathi: “Umuntu othile wayetshale umkhiwane esivinini sakhe. Waya kuwo efuna isithelo sawo, kepha akafumananga lutho. Wayesethi kosebenza esivinini: ‘Phela sekuyiminyaka emithathu ngifika ngizofuna amakhiwane kulo mkhiwane, kodwa ngingatholi lutho. Ngakho-ke wunqume: kungani ulokhu ugugisa umhlabathi na?’ “Kepha waphendula, wathi: ‘Nkosi, ake uwuyeke nakulo nyaka, ngize ngimbe umhlabathi emaceleni awo, ngithele umquba

Ividiyo ye- NgokukaLuka 13:1-8