Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanise nemihlatshelo yabo.
UJesu waphendula wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babeyizoni kunabaseGalile bonke ngokuba behlushwe ngalezi zinto na?
Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.
Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babeyizoni kunabo bonke abantu abakhileyo eJerusalema na?
Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.
Wasekhuluma lomfanekiso; Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza wadinga isithelo kuwo, kodwa akasitholanga.
Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; uwuthelelelani umhlabathi?
Yaphendula yathi kuye: “Nkosi, wuyeke nangalo nyaka, ngize ngimbe emaceleni awo, ngithele umquba;
Uma uthela isithelo, kuhle; uma kungenjalo, wowugawula emva kwalokho.
Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha.
Bheka, kwakukhona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eqhothile engakwazi nokusukuma.
Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.
Wasebeka izandla phezu kwakhe; njalo wahle waqonda, wadumisa uNkulunkulu.
Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha usuku.
INkosi yasiphendula yathi kuye: Mzenzisi, ngulowo lalowo wenu kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe kumbe imbongolo yakhe esibayeni, ayiyise ukuyiphuzisa?
Nalo wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, uSathane ambophile, bheka, le minyaka eyishumi nesishiyagalombili bekungafanele yini akhululwe kulesi sibophelelo ngosuku lwesabatha na?
Eseshilo lokho, bajabha bonke ababemelene naye;
Wasesithi: Umbuso kaNkulunkulu ufana lani? futhi ngiyakulifanisa nani?
Unjengohlamvu lwesinaphi, aluthatha umuntu, waluphonsa ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi omkhulu; izinyoni zezulu zahlala emagatsheni awo.
Wabuye wathi: “Ngingawufanisa nani umbuso kaNkulunkulu na?
Ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.