NgokukaLuka 13:1-21

NgokukaLuka 13:1-21 ZUL59

Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo. Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke. Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.” Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’ “Sona saphendula, sathi kuye: ‘Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba; mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ” Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha. Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.” Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?” Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye. Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na? Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.” Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na? Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”

Ividiyo ye- NgokukaLuka 13:1-21