NgokukaLuka 13:1-21

NgokukaLuka 13:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile ababikela uJesu ngabaseGalile, abagazi labo uPilatu ayelixube nelemihlatshelo yabo. Waphendula wathi kubo: “Nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni kunabo bonke yini abanye baseGalile, ngokuba behlelwa yilowo mshophi na? Ngithi kini: akunjalo, kodwa uma ningaphenduki, niyakubhubha nonke njengabo. Nalabo abali-18 okwawela kubo umbhoshongo eSilowama, wababulala, nisho ukuthi babeyizoni ukwedlula bonke abantu ababehlala eJerusalema na? Ngithi akunjalo: kodwa uma ningaphenduki niyakubhubha nonke njengabo.” Wayesebalandisa lo mzekeliso wathi: “Umuntu othile wayetshale umkhiwane esivinini sakhe. Waya kuwo efuna isithelo sawo, kepha akafumananga lutho. Wayesethi kosebenza esivinini: ‘Phela sekuyiminyaka emithathu ngifika ngizofuna amakhiwane kulo mkhiwane, kodwa ngingatholi lutho. Ngakho-ke wunqume: kungani ulokhu ugugisa umhlabathi na?’ “Kepha waphendula, wathi: ‘Nkosi, ake uwuyeke nakulo nyaka, ngize ngimbe umhlabathi emaceleni awo, ngithele umquba; mhlawumbe ungase uthele ngonyaka ozayo, kodwa-ke uma kungenjalo, uyowunquma.’ ” UJesu wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. Lapho kwakukhona owesifazane owayenomoya omubi usumgulise iminyaka eli-18; wayeseze waqhotha, engasakwazi ukuma aqonde. UJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, usuphilisiwe ekuguleni obunakho.” Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.” Kepha iNkosi yamphendula, yathi: “Bazenzisi, yilowo nalowo kini kayikhiphi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe esibayeni, ayiqhube ukuba iyophuza na? Bekungafanele yini-ke lo oyindodakazi ka-Abhrahama, obeboshwe nguSathane, iminyaka eli-18, ukuba akhululwe kulokho kuboshwa ngosuku lwesabatha na?” Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye, kepha isixuku sonke sathokoza ngenxa yemisebenzi yonke emangalisayo ayenzileyo. Ngakho-ke uJesu wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ungafaniswa nani na? Ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu, waluhlwanyela ensimini yakhe; lwamila, lwaba yisihlahla; izinyoni zezulu zakhela emagatsheni aso.” Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ungafaniswa nani na? Ufana nemvubelo eyathathwa ngowesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”

NgokukaLuka 13:1-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanise nemihlatshelo yabo. UJesu waphendula wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babeyizoni kunabaseGalile bonke ngokuba behlushwe ngalezi zinto na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke. Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babeyizoni kunabo bonke abantu abakhileyo eJerusalema na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke. Wasekhuluma lomfanekiso; Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza wadinga isithelo kuwo, kodwa akasitholanga. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; uwuthelelelani umhlabathi? Yaphendula yathi kuye: “Nkosi, wuyeke nangalo nyaka, ngize ngimbe emaceleni awo, ngithele umquba; Uma uthela isithelo, kuhle; uma kungenjalo, wowugawula emva kwalokho. Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. Bheka, kwakukhona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eqhothile engakwazi nokusukuma. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho. Wasebeka izandla phezu kwakhe; njalo wahle waqonda, wadumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha. usuku. INkosi yasiphendula yathi kuye: Mzenzisi, ngulowo lalowo wenu kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe kumbe imbongolo yakhe esibayeni, ayiyise ukuyiphuzisa? Nalo wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, uSathane ambophile, bheka, le minyaka eyishumi nesishiyagalombili bekungafanele yini akhululwe kulesi sibophelelo ngosuku lwesabatha na? Eseshilo lokho, bajabha bonke ababemelene naye; Wasesithi: Umbuso kaNkulunkulu ufana lani? futhi ngiyakulifanisa nani? Unjengohlamvu lwesinaphi, aluthatha umuntu, waluphonsa ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi omkhulu; izinyoni zezulu zahlala emagatsheni awo. Wabuye wathi: “Ngingawufanisa nani umbuso kaNkulunkulu na? Ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.

NgokukaLuka 13:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile ababikela uJesu ngabaseGalile, abagazi labo uPilatu ayelixube nelemihlatshelo yabo. Waphendula wathi kubo: “Nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni kunabo bonke yini abanye baseGalile, ngokuba behlelwa yilowo mshophi na? Ngithi kini: akunjalo, kodwa uma ningaphenduki, niyakubhubha nonke njengabo. Nalabo abali-18 okwawela kubo umbhoshongo eSilowama, wababulala, nisho ukuthi babeyizoni ukwedlula bonke abantu ababehlala eJerusalema na? Ngithi akunjalo: kodwa uma ningaphenduki niyakubhubha nonke njengabo.” Wayesebalandisa lo mzekeliso wathi: “Umuntu othile wayetshale umkhiwane esivinini sakhe. Waya kuwo efuna isithelo sawo, kepha akafumananga lutho. Wayesethi kosebenza esivinini: ‘Phela sekuyiminyaka emithathu ngifika ngizofuna amakhiwane kulo mkhiwane, kodwa ngingatholi lutho. Ngakho-ke wunqume: kungani ulokhu ugugisa umhlabathi na?’ “Kepha waphendula, wathi: ‘Nkosi, ake uwuyeke nakulo nyaka, ngize ngimbe umhlabathi emaceleni awo, ngithele umquba; mhlawumbe ungase uthele ngonyaka ozayo, kodwa-ke uma kungenjalo, uyowunquma.’ ” UJesu wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. Lapho kwakukhona owesifazane owayenomoya omubi usumgulise iminyaka eli-18; wayeseze waqhotha, engasakwazi ukuma aqonde. UJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, usuphilisiwe ekuguleni obunakho.” Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge wacasuka ngokuba uJesu esindise umuntu ngesabatha, wayesekhuluma esixukwini ethi: “Kunezinsuku eziyisithupha okufanele ukuba kusetshenzwe ngazo. Ngakho-ke wozani ngalezo zinsuku ukuze niphiliswe, hhayi ngosuku lwesabatha.” Kepha iNkosi yamphendula, yathi: “Bazenzisi, yilowo nalowo kini kayikhiphi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe esibayeni, ayiqhube ukuba iyophuza na? Bekungafanele yini-ke lo oyindodakazi ka-Abhrahama, obeboshwe nguSathane, iminyaka eli-18, ukuba akhululwe kulokho kuboshwa ngosuku lwesabatha na?” Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye, kepha isixuku sonke sathokoza ngenxa yemisebenzi yonke emangalisayo ayenzileyo. Ngakho-ke uJesu wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ungafaniswa nani na? Ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu, waluhlwanyela ensimini yakhe; lwamila, lwaba yisihlahla; izinyoni zezulu zakhela emagatsheni aso.” Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ungafaniswa nani na? Ufana nemvubelo eyathathwa ngowesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”

NgokukaLuka 13:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo. Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke. Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.” Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’ “Sona saphendula, sathi kuye: ‘Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba; mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ” Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha. Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.” Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?” Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye. Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na? Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.” Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na? Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”

NgokukaLuka 13:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanise nemihlatshelo yabo. UJesu waphendula wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babeyizoni kunabaseGalile bonke ngokuba behlushwe ngalezi zinto na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke. Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babeyizoni kunabo bonke abantu abakhileyo eJerusalema na? Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke. Wasekhuluma lomfanekiso; Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza wadinga isithelo kuwo, kodwa akasitholanga. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; uwuthelelelani umhlabathi? Yaphendula yathi kuye: “Nkosi, wuyeke nangalo nyaka, ngize ngimbe emaceleni awo, ngithele umquba; Uma uthela isithelo, kuhle; uma kungenjalo, wowugawula emva kwalokho. Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. Bheka, kwakukhona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eqhothile engakwazi nokusukuma. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho. Wasebeka izandla phezu kwakhe; njalo wahle waqonda, wadumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha usuku. INkosi yasiphendula yathi kuye: Mzenzisi, ngulowo lalowo wenu kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe kumbe imbongolo yakhe esibayeni, ayiyise ukuyiphuzisa? Nalo wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, uSathane ambophile, bheka, le minyaka eyishumi nesishiyagalombili bekungafanele yini akhululwe kulesi sibophelelo ngosuku lwesabatha na? Eseshilo lokho, bajabha bonke ababemelene naye; Wasesithi: Umbuso kaNkulunkulu ufana lani? futhi ngiyakulifanisa nani? Unjengohlamvu lwesinaphi, aluthatha umuntu, waluphonsa ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi omkhulu; izinyoni zezulu zahlala emagatsheni awo. Wabuye wathi: “Ngingawufanisa nani umbuso kaNkulunkulu na? Ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.