Uyise uZakariya wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha, wathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe; Usivusele uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yakhe; Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo. Ukuze sisindiswe ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo; Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele; Isifungo asenza kubaba u-Abhrahama. Ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi; ngobungcwele nokulunga phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwethu. Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo; ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu. Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula. Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wayesezinkangala kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe kuIsrayeli.
Funda Luka 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 1:67-80
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo