NgokukaLuka 1:67-80

NgokukaLuka 1:67-80 ZUL59

UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi: “Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko. Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo, njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo, insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo, ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele, isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama, ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singenakwesaba ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu. Nawe-ke mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu, ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.” Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 1:67-80

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo