NgokukaLuka 1:67-80
NgokukaLuka 1:67-80 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Uyise uZakariya wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha, wathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe; Usivusele uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yakhe; Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo. ukuze sisindiswe ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo; Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele; Isifungo asenza kubaba u-Abhrahama. ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi; ngobungcwele nokulunga phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwethu. Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo; ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu. ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula. Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wayesezinkangala kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe kuIsrayeli.
NgokukaLuka 1:67-80 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UZakhariya, uyise, wagcwala uMoya oNgcwele, waphrofetha wathi: “Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabahlenga. Yasiphakamisela uphondo lwensindiso endlini kaDavide, inceku yayo, njengalokhu yakhuluma ngomlomo wabaphrofethi bayo abangcwele selokhu kwadabuka umhlaba, ukusisindisa ezitheni zethu, nasesandleni sabo bonke abasizondayo; ukwenzela okhokho bethu isihawu, nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele; isifungo eyasifunga kubaba u-Abhrahama, ukusinika ukuba sikhululwe esandleni sezitha zethu; siyikhonze singenakwesaba ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo, zonke izinsuku zethu. Nawe-ke, mntwana, uyakuthiwa ungumphrofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuyandulela iNkosi; ulungisa izindlela zayo ukukhanyisela abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esihanjelwe ngakho ukukhanya okuvela phezulu, ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.” Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.
NgokukaLuka 1:67-80 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi: “Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko. Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo, njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo, insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo, ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele, isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama, ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singenakwesaba ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu. Nawe-ke mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu, ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.” Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.
NgokukaLuka 1:67-80 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uyise uZakariya wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha, wathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe; Usivusele uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yakhe; Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo. Ukuze sisindiswe ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo; Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele; Isifungo asenza kubaba u-Abhrahama. Ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi; ngobungcwele nokulunga phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwethu. Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo; ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu. Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula. Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wayesezinkangala kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe kuIsrayeli.