UJoshuwa 7:6-9

UJoshuwa 7:6-9 CZB24

UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo. UJoshuwa wayesethi: “Awu, Nkosi Jehova, ubaweliseleni lababantu iJordani ukuba usinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise na? Sengathi ngabe sathokoza kuNkulunkulu, sahlala phesheya kweJordani! O Nkosi, ngiyakuthini uma u-Israyeli efulathela izitha zakhe na? Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?