UJoshuwa 7:6-9
UJoshuwa 7:6-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo. UJoshuwa wayesethi: “Awu, Nkosi Jehova, ubaweliseleni lababantu iJordani ukuba usinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise na? Sengathi ngabe sathokoza kuNkulunkulu, sahlala phesheya kweJordani! O Nkosi, ngiyakuthini uma u-Israyeli efulathela izitha zakhe na? Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?
UJoshuwa 7:6-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda. UJoshuwa wathi: “Maye, Simakade Nkulunkulu! Ubawezeleni laba bantu iJordani, ukuzosinikela esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise, na? Bekungcono ukuba sivele sahlala khona phesheya kweJordani! Hawu, Nkosi! Sengizothini njengoba u-Israyeli efulathele wehlulwa yizitha zakhe, na? AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”
UJoshuwa 7:6-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo. UJoshuwa wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama-Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani! O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwa-Israyeli sebefulathele izitha zabo na? Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”