UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda. UJoshuwa wathi: “Maye, Simakade Nkulunkulu! Ubawezeleni laba bantu iJordani, ukuzosinikela esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise, na? Bekungcono ukuba sivele sahlala khona phesheya kweJordani! Hawu, Nkosi! Sengizothini njengoba u-Israyeli efulathele wehlulwa yizitha zakhe, na? AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”
Funda UJoshuwa 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJoshuwa 7:6-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo