Lapho abantu bekhuphuka besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, nabapristi abathwala umphongolo wesivumelwano phambi kwabantu; Kwathi abathwali bomphongolo befika eJordani, izinyawo zabapristi abathwele umphongolo zicwile onqenqemeni lwamanzi, ngokuba iJordani ligudla usebe lwalo lonke isikhathi sokuvuna; Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.
Funda UJoshuwa 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJoshuwa 3:14-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo