UJoshuwa 3:14-16
UJoshuwa 3:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi lapho abantu besuka emathendeni abo ukuba bawele iJordani, abaphristi abathwele umphongolo wesivumelwano babephambi kwabo. Lapho abathwele umphongolo befika eJordani, nezinyawo zabaphristi sezithinte amanzi osebeni lomfula iJordani ogola izintethe ngaso sonke isikhathi sokuvuna, amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.
UJoshuwa 3:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi lapho abantu besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano bephambi kwabantu, nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna, ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko.
UJoshuwa 3:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho abantu bekhuphuka besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, nabapristi abathwala umphongolo wesivumelwano phambi kwabantu; Kwathi abathwali bomphongolo befika eJordani, izinyawo zabapristi abathwele umphongolo zicwile onqenqemeni lwamanzi, ngokuba iJordani ligudla usebe lwalo lonke isikhathi sokuvuna; Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.