UJoshuwa 3:14-16

UJoshuwa 3:14-16 ZUL20

Kwathi lapho abantu besuka emathendeni abo ukuba bawele iJordani, abaphristi abathwele umphongolo wesivumelwano babephambi kwabo. Lapho abathwele umphongolo befika eJordani, nezinyawo zabaphristi sezithinte amanzi osebeni lomfula iJordani ogola izintethe ngaso sonke isikhathi sokuvuna, amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.