Johane 9:22-34

Johane 9:22-34 CZB24

Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni. Ngakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile; buza kuye. Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu; Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona. Base bephinda bathi kuye: “Wenzeni kuwe na? uwavule kanjani amehlo akho na? Wabaphendula wathi: “Senginitshelile, kepha anezwa; nifunelani ukuzwa futhi na? nithanda ukuba ngabafundi bakhe nani na? Base bemthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe; kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose; Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni; Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakukwenza lutho. Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.

Funda Johane 9

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 9:22-34