NgokukaJohane 9:22-34

NgokukaJohane 9:22-34 ZUL59

Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.* Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.” Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.” Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.” Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?” Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?” Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.” Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo. Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.” Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 9:22-34