NgokukaJohane 9:22-34
NgokukaJohane 9:22-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni. Ngakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile; buza kuye. Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu; Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona. Base bephinda bathi kuye: “Wenzeni kuwe na? uwavule kanjani amehlo akho na? Wabaphendula wathi: “Senginitshelile, kepha anezwa; nifunelani ukuzwa futhi na? nithanda ukuba ngabafundi bakhe nani na? Base bemthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe; kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose; Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni; Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakukwenza lutho. Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.
NgokukaJohane 9:22-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni. Ngakho-ke abazali bayo bathi: “Isikhulile, buzani yona.” Bayibiza ngokwesibili le ndoda ebiyimpumputhe, bathi kuyo: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lo muntu uyisoni.” Khona indoda yaphendula, yathi: “Ukuthi uyisoni noma qha, angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.” Ngakho bathi kuyo: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?” Yaphendula, yathi: “Senginitshelile, kodwa anilalelanga. Nifunelani ukuzwa futhi na? Ngabe nani senifuna ukuba ngabafundi bakhe na?” Bamthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi walowo muntu, kodwa thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kepha asimazi lo muntu ukuthi uvela kuphi.” Indoda yaphendula, yathi kubo: “Lokhu kuyamangalisa ukuthi nina anazi ukuthi uvela kuphi, kepha uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo. Selokhu kwathi nhlo, akukaze kuzwakale ukuthi ukhona owake wavula amehlo omuntu ozelwe eyimpumputhe. Uma lo muntu ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.” Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.
NgokukaJohane 9:22-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.* Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.” Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.” Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.” Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?” Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?” Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.” Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo. Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.” Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.
NgokukaJohane 9:22-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)