Johane 7:1-24

Johane 7:1-24 CZB24

Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala. Umkhosi wabaJuda wamadokodo wawususondele. Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo. Ngokuba akakho owenza utho ekusithekeni, yena ngokwakhe efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezizinto, zibonakalise emhlabeni. Ngokuba nabafowabo babengakholwa kuye. Khona uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kepha isikhathi senu sihlezi silungile. Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi. Khuphukani nina niye emkhosini; mina angikakhuphukeli kulo mkhosi; ngoba isikhathi sami asikafiki. Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile. Kepha abafowabo sebenyukile, naye wenyuka waya emkhosini, kungesobala kodwa kungathi ngasese. AmaJuda amdinga emkhosini, athi: Ungaphi yena? Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye esixukwini, abanye bathi: “Umuhle;” abanye bathi: “Qha; kodwa udukisa abantu. Kepha kwakungekho muntu owakhuluma ngaye obala ngokwesaba abaJuda. Umkhosi usuphakathi uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa. AmaJuda amangala, athi: “Lo wazi kanjani izincwadi engafundanga na? UJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami kayisiyo eyami, kodwa ngeyalowo ongithumileyo. Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami. Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye. UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na? Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; UJesu waphendula wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke. Ngakho uMose uninikile ukusoka; (kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho), niyakusoka umuntu nangesabatha. Uma umuntu emukela ukusoka ngesabatha, ukuze kungephulwa umthetho kaMose; niyangithukuthelela, ngokuba ngiphilise umuntu ngesabatha na? Ningahluleli ngokubonakala, kodwa yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.

Funda Johane 7

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo