NgokukaJohane 7:1-24

NgokukaJohane 7:1-24 ZUL20

Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala. Wawususondele uMkhosi wabaJuda wamaDokodo. Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, ebe yena uqobo efuna ukwaziwa. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise ezweni.” Phela ngisho abafowabo imbala babengakholwa nguye. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kodwa esenu sihlale silungile njalo. Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. Nina khuphukelani emkhosini. Mina angiyi kulo mkhosi, ngokuba isikhathi sami asikapheleli.” Esekukhulumile lokho, wahlala eGalile. Kepha lapho abafowabo sebenyukele emkhosini, naye-ke wenyuka, hhayi ngokusobala kodwa isinyenyela. Khona abaJuda babemfuna emkhosini, bethi: “Kanti uphi lo muntu na?” Kwakukhona ukuvungazela okukhulu ngaye ezixukwini, abanye bethi: “Ungumuntu olungileyo.” Abanye bethi: “Qha, ukhohlisa isixuku.” Kepha akekho noyedwa owaphumela obala wakhuluma ngaye ngenxa yokwesaba abaJuda. Kuthe sekuphakathi nomkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa. Ngakho-ke abaJuda bamangala, bathi: “Lo muntu uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Imfundiso yami akusiyona eyami, kodwa ngeyongithumileyo. Uma umuntu efuna ukwenza intando kaNkulunkulu, uyakwazi ngemfundiso, ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami nje. Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye. UMose akaninikanga yini uMthetho na? Nokho akekho kini ogcina uMthetho. Pho kungani nifuna ukungibulala na?” Isixuku saphendula, sathi: “Unedimoni wena, ngubani ofuna ukukubulala na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngenze umsebenzi owodwa nje, kodwa nonke niyamangala. UMose uninike ukusoka, kungesikho ukuthi kuvela kuye kodwa kokhokho. Niyamsoka umuntu ngeSabatha. Uma umuntu emukela ukusoka ngeSabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho kungani ningithukuthelele ngokuba ngisindise umuntu ngeSabatha na? Ningehluleli ngokubuka ngamehlo, kodwa yehlulelani ngokwehlulela okulungileyo.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo