Johane 19:38-42

Johane 19:38-42 CZB24

Emva kwalokho uJosefa wase-Arimathiya, engumfundi kaJesu, kodwa ekusithekeni ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wamvumela. Ngakho weza wathatha isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu. Base bethatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha, njengomkhuba wabaJuda ukumbela. Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo. Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.

Funda Johane 19