NgokukaJohane 19:38-42

NgokukaJohane 19:38-42 ZUL20

Kuthe sekwenzekile lokho, uJosefa wase-Arimatheya, owayengomunye wabafundi bakaJesu owayengazivezi ngenxa yokwesaba abaJuda, wahamba wayocela ukuba asisuse isidumbu sikaJesu. UPilatu wamvumela, wayesehamba, wasisusa isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikhodemu, owake wafika kuJesu ebusuku, yena-ke wayelethe ingxube yemure nenhlaba okungaba ngamalitha ayikhulu. Base besithatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni, basigquma ngamakha njengokosiko lwabaJuda lokungcwaba. Ngakuleyo ndawo ayebethelwe khona kwakunensimu, kukhona ithuna elisha kuyo, okungakaze kubekwe muntu kulo. Ngakho-ke ngenxa yokuthi kwakulusuku lwabaJuda lokulungisela iSabatha, bambeka kulelo thuna uJesu ngoba laliseduze.