Johane 19

19
Johane 19
1Khona uPilatu wamthatha uJesu, wambhaxabula.
2Amabutho eluka umqhele wameva awubeka ekhanda lakhe, amembathisa ingubo ebubende;
3Athi: Bayede, Nkosi yabaJuda! bamshaya ngezandla.
4UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuthi angifumani cala kuye.
5Khona waphuma uJesu, ethwele umqhele wameva, nengubo ebubende; UPilatu wasesithi kubo: Khangelani umuntu!
6Kwathi abapristi abakhulu nezikhonzi bembona, bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimbethele, ngokuba mina angitholi cala kuye.
7AmaJuda amphendula athi: Thina silomlayo, langokomlayo wethu ufanele ukufa, ngoba uzenze iNdodana kaNkulunkulu.
8Kuthe uPilatu esizwa lelo zwi, wesaba kakhulu;
9Wabuye wangena endlini yokwahlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi na? Kodwa uJesu kamphendulanga.
10UPilatu wayesethi kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi yini ukuthi nginamandla okukubethela, nginamandla okukukhulula na?
11UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;
12Kusukela lapho uPilatu wafuna ukumkhulula, kepha abaJuda bamemeza bathi: “Uma ukhulula lo, awusiye umngane kaKesari;
13Kwathi uPilatu ezwa lelo zwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi, Indawo egandaywe ngamatshe, kodwa ngesiHeberu iGabatha.
14Kwakulilungiselelo lephasika, kwakungaba yihora lesithupha; wayesethi kubaJuda: “Bhekani inkosi yenu!
15Kodwa bamemeza bathi: Susa, susa, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo: Ngibethele inkosi yenu na? Abapristi abakhulu baphendula bathi: Kasilankosi ngaphandle kukaKesari.
16Khona wamnikela kubo ukuba abethelwe. Basebemthatha uJesu, bahamba laye.
17Yena waphuma ethwele isiphambano sakhe, waya endaweni ebizwa ngokuthi iNdawo Yokhakhayi, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha;
18lapho bambethela khona, labanye ababili kanye laye, omunye ngapha, loJesu ephakathi.
19UPilatu waloba nombhalo, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WENAZARETHA INKOSI YABAJUDA.
20Leso saziso abaningi kubaJuda basifunda, ngokuba indawo lapho uJesu ayebethelwe khona yayiseduze nomuzi, futhi kulotshiwe ngesiHeberu, nangesiGreki, nangesiLatini.
21Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu: “Ungalobi ukuthi: Inkosi yabaJuda; kodwa ukuthi wathi: Mina ngiyiNkosi yabaJuda.
22UPilatu waphendula wathi: Engikubhalileyo ngikulobile.
23Khona amasosha esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo butho laba nesabelo; nejazi lakhe; ibhantshi lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.
24Basebekhulumisana besithi: Kasingasidabuli, kodwa kasisenzele inkatho ukuthi sizakuba ngekabani; ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Babelana izembatho zami, lesambatho sami benza inkatho yokuphosa. Akwenza-ke lokho amasosha.
25Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.
26UJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi khona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho!
27Wasesithi kumfundi: Khangela unyoko! Kusukela kuleso sikhathi lowo mfundi wamthatha wamyisa kwakhe.
28Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile.
29Kwakubekwe isitsha esigcwele uviniga; bagcwalisa uzipho ngoviniga, baluhloma phezu kwehisopi, balubeka emlonyeni wakhe.
30Kuthe uJesu eselamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe.” Wagebisa ikhanda, wafa.
31Ngakho abaJuda, njengoba kwakulilungiselelo, ukuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwaluwusuku olukhulu, acela kuPilatu ukuba yephulwe imilenze yabo, bathathwe kude.
32Khona amabutho afika, aphula imilenze yowokuqala, neyomunye owayebethelwe kanye naye.
33Kodwa efika kuJesu, ebona ukuthi wayesefile, kawayephulanga imilenze yakhe;
34Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi.
35Lowo obonileyo ufakazile, nobufakazi bakhe buqinisile, naye uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe.
36Ngoba lezizinto zenziwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Akuyikuphulwa thambo lakhe.
37Futhi omunye umbhalo uthi: Bazamkhangela abamhlabayo.
38Emva kwalokho uJosefa wase-Arimathiya, engumfundi kaJesu, kodwa ekusithekeni ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wamvumela. Ngakho weza wathatha isidumbu sikaJesu.
39Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu.
40Base bethatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha, njengomkhuba wabaJuda ukumbela.
41Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo.
42Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 19: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo