Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki; kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Emzini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela. Ngiya ukunilungisela indawo. Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani. Lalapho engiya khona liyakwazi, lendlela liyayazi. UTomasi wathi kuye: Nkosi, asazi lapho oya khona; futhi singayazi kanjani indlela? UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazile mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile. UFiliphu wathi kuye: Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele. UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?
Funda Johane 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 14:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo