NgokukaJohane 14:1-9
NgokukaJohane 14:1-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki; kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Emzini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela. ngiya ukunilungisela indawo. Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani. Lalapho engiya khona liyakwazi, lendlela liyayazi. UTomasi wathi kuye: Nkosi, asazi lapho oya khona; futhi singayazi kanjani indlela? UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazile mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile. UFiliphu wathi kuye: Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele. UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?
NgokukaJohane 14:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; ukuba bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukuyonilungisela indawo. Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona. Lapho ngiya khona, niyayazi indlela.” UThomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona. Pho singayazi kanjani indlela na?” UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba; kodwa niyamazi manje, futhi nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, lokho kuyakwenela kithi.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?
NgokukaJohane 14:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani. Nalapho ngiya khona niyayazi indlela.” UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?” UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na?
NgokukaJohane 14:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki; kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Emzini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela. Ngiya ukunilungisela indawo. Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani. Lalapho engiya khona liyakwazi, lendlela liyayazi. UTomasi wathi kuye: Nkosi, asazi lapho oya khona; futhi singayazi kanjani indlela? UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazile mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile. UFiliphu wathi kuye: Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele. UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?