NgokukaJohane 14:1-9

NgokukaJohane 14:1-9 ZUL59

“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani. Nalapho ngiya khona niyayazi indlela.” UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?” UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na?

Video for NgokukaJohane 14:1-9