Johane 12:37-43

Johane 12:37-43 CZB24

Kodwa lanxa wayenze izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, kabakholwanga kuye; ukuze kugcwaliseke izwi lika-Isaya umprofethi, alishoyo ukuthi: “Nkosi, ngubani okholwe umbiko wethu na? Nengalo yeNkosi yambulelwe bani na? Ngakho kabakholwanga, ngoba uIsaya waphinda wathi: Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise. U-Isaya wakhuluma lokho ebona inkazimulo yakhe, wakhuluma ngaye. Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni; Ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

Funda Johane 12