NgokukaJohane 12:37-43
NgokukaJohane 12:37-43 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, abakholwanga nguye ukuba izwi lika-Isaya umprofethi ligcwaliseke, alikhuluma lokuthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?” Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi: “Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.” U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye. Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;* ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.
NgokukaJohane 12:37-43 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa lanxa wayenze izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, kabakholwanga kuye; ukuze kugcwaliseke izwi lika-Isaya umprofethi, alishoyo ukuthi: “Nkosi, ngubani okholwe umbiko wethu na? Nengalo yeNkosi yambulelwe bani na? Ngakho kabakholwanga, ngoba uIsaya waphinda wathi: Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise. U-Isaya wakhuluma lokho ebona inkazimulo yakhe, wakhuluma ngaye. Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni; Ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.
NgokukaJohane 12:37-43 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa lanxa wayenze izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, kabakholwanga kuye; ukuze kugcwaliseke izwi lika-Isaya umprofethi, alishoyo ukuthi: “Nkosi, ngubani okholwe umbiko wethu na? Nengalo yeNkosi yambulelwe bani na? Ngakho kabakholwanga, ngoba uIsaya waphinda wathi: Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise. U-Isaya wakhuluma lokho ebona inkazimulo yakhe, wakhuluma ngaye. Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni; Ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.
NgokukaJohane 12:37-43 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nakuba ayezenzile izibonakaliso eziningi, bezibonela ngawabo, kodwa abakholwanga kuye, ukuze kugcwaliseke izwi lika-Isaya, umphrofethi, elithi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngumbiko wethu na? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?” Ngalokho-ke kabakwazanga ukukholwa, njengokuba u-Izaya washo futhi, wathi: “Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, ukuze bangaboni ngamehlo abo, bangaqondi ngenhliziyo yabo, funa baphenduke, ngibaphilise.” U-Isaya wakusho lokho ngokuba ebona inkazimulo yeNkosi, futhi wakhuluma ngayo. Nokho-ke nakuba kunjalo, ababusi abaningi bakholwa kuye, kodwa ngenxa yabaFarisi abamvumanga esidlangalaleni, funa baxoshwe esinagogeni, ngokuba babethanda udumo lwabantu, kunodumo lukaNkulunkulu.