NgokukaJohane 12:37-43

NgokukaJohane 12:37-43 ZUL59

Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, abakholwanga nguye ukuba izwi lika-Isaya umprofethi ligcwaliseke, alikhuluma lokuthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?” Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi: “Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.” U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye. Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;* ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.