Johane 10:11-21

Johane 10:11-21 CZB24

Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze. Oqashwayo uyabaleka, ngokuba engoqashiwe, engazikhathaleli izimvu. Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa. Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha, ziyakuzwa izwi lami; futhi kuyoba mhlambi munye, nomalusi oyedwa. Ngakho uBaba uyangithanda, ngokuba mina ngidela ukuphila kwami, ukuze ngibuye ngikuthabathe. Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba. Kwaphinda kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawa mazwi. Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlaleleni na? Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awonedemoni. Idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?

Funda Johane 10

Video for Johane 10:11-21