NgokukaJohane 10:11-21

NgokukaJohane 10:11-21 ZUL20

“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze, ngokuba ungoqashiweyo, akanandaba nezimvu. “Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye. Ngakho-ke uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthathe futhi. Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.” Kwaba khona futhi ukwehlukana phakathi kwabaJuda ngenxa yalawa mazwi. Iningi labo lathi: “Unedimoni, uyahlanya. Kungani nje nimlalela na?” Abanye bathi: “Lawa mazwi awaphumi kumuntu onedimoni. Kanti idimoni lingawavula yini amehlo empumputhe na?”

Video for NgokukaJohane 10:11-21