UJeremiya 33:14-16

UJeremiya 33:14-16 CZB24

“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakugcwalisa izwi elihle engalikhuluma kuyo indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyohlumisela uDavide iHlumela lokulunga; futhi uyokwenza ubulungisa nokulunga ezweni. Ngalezo zinsuku uJuda uyokhululwa neJerusalema liyohlala lilondekile; yileli igama ayobizwa ngalo: UJehova ukulunga kwethu.