UJeremiya 33:14-16

UJeremiya 33:14-16 ZUL20

“ ‘Bheka, ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho ngiyakufeza izwi elihle engilisho kuyo indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. “ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ubulungiswa nokulunga emhlabeni. Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala livikelekile. Yileli igama eliyakubizwa ngalo, elithi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.’