EkaJokobe 2:19-26

EkaJokobe 2:19-26 CZB24

Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele. Kodwa uyathanda yini ukwazi wena muntu oyize, ukuthi ukholo olungelamisebenzi lufile? U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na? Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukholo lwapheleliswa ngemisebenzi? Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu. Niyabona-ke ukuthi umuntu ulungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela. Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela? Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJokobe 2:19-26