EkaJakobe 2:19-26

EkaJakobe 2:19-26 ZUL59

Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele. Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na? U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na? Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi, kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu. Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela. Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na? Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 2:19-26