Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; ingani namadimoni ayakholwa, futhi athuthumele. Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na? U-Abhrahama, ukhokho wethu, akalungisiswanga yini ngemisebenzi lapho enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-althare na? Uyabona ukuthi ukukholwa kwakusebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi. Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu. Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, hhayi ngokukholwa kuphela. Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na? Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.
Funda EkaJakobe 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: EkaJakobe 2:19-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo