EkaJokobe 1:16-22

EkaJokobe 1:16-22 CZB24

Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe uhlobo lolibo lwezidalwa zakhe. Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela; Ngokuba ulaka lomuntu alukwenzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJokobe 1:16-22