EkaJakobe 1:16-22

EkaJakobe 1:16-22 ZUL20

Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe. Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela. Ngokuba ulaka lomuntu aluzuzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 1:16-22