EkaJakobe 1:16-22

EkaJakobe 1:16-22 ZUL59

Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe. Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela; ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 1:16-22