U-Isaya 9:2-7

U-Isaya 9:2-7 CZB24

Abantu abahamba ebumnyameni babone ukukhanya okukhulu; abahlala ezweni lethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele. Wandisa isizwe, awukhulisanga intokozo; Ngokuba wephulile ijoka lomthwalo wabo nodondolo lwamahlombe abo, nozime lomcindezeli wabo, njengasosukwini lukaMidiyani. Ngokuba konke ukulwa kweqhawe kunomsindo ophithizelayo, nezingubo ezigingqelwe egazini; kodwa kuyakuba ngumlilo nezinkuni zomlilo. Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.

Funda U-Isaya 9

Verse Images for U-Isaya 9:2-7

U-Isaya 9:2-7 - Abantu abahamba ebumnyameni babone ukukhanya okukhulu; abahlala ezweni lethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.
Wandisa isizwe, awukhulisanga intokozo;
Ngokuba wephulile ijoka lomthwalo wabo nodondolo lwamahlombe abo, nozime lomcindezeli wabo, njengasosukwini lukaMidiyani.
Ngokuba konke ukulwa kweqhawe kunomsindo ophithizelayo, nezingubo ezigingqelwe egazini; kodwa kuyakuba ngumlilo nezinkuni zomlilo.
Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.U-Isaya 9:2-7 - Abantu abahamba ebumnyameni babone ukukhanya okukhulu; abahlala ezweni lethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.
Wandisa isizwe, awukhulisanga intokozo;
Ngokuba wephulile ijoka lomthwalo wabo nodondolo lwamahlombe abo, nozime lomcindezeli wabo, njengasosukwini lukaMidiyani.
Ngokuba konke ukulwa kweqhawe kunomsindo ophithizelayo, nezingubo ezigingqelwe egazini; kodwa kuyakuba ngumlilo nezinkuni zomlilo.
Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo