U-Isaya 9:2-7

U-Isaya 9:2-7 ZUL59

Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela. Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango. Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani. Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo. Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.

Funda U-Isaya 9

Verse Images for U-Isaya 9:2-7

U-Isaya 9:2-7 - Abantu abahamba ebumnyameni
babona ukukhanya okukhulu;
abahlezi ezweni lethunzi lokufa
ukukhanya kuyabakhanyisela.
Uyakwandisa isizwe,
ukhulise intokozo yaso;
bathokoza phambi kwakho
njengokuthokoza ekuvuneni,
njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.
Ngokuba ijoka lomthwalo wabo,
nenduku yamahlombe abo,
noswazi lomhluphi wabo
uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.
Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa
nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa,
zidliwe ngumlilo.
Ngokuba sizalelwa umntwana,
siphiwa indodana;
umbuso uyakuba semahlombe akhe,
negama lakhe liyakuthiwa
uMluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
iNkosi yokuthula.
Umbuso uyakuba mkhulu,
ukuthula kungabi nakuphela
esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,
ukuze uqiniswe, usekelwe
ngokwahlulela nangokulunga,
kusukela manje kuze kube phakade.
Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.U-Isaya 9:2-7 - Abantu abahamba ebumnyameni
babona ukukhanya okukhulu;
abahlezi ezweni lethunzi lokufa
ukukhanya kuyabakhanyisela.
Uyakwandisa isizwe,
ukhulise intokozo yaso;
bathokoza phambi kwakho
njengokuthokoza ekuvuneni,
njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.
Ngokuba ijoka lomthwalo wabo,
nenduku yamahlombe abo,
noswazi lomhluphi wabo
uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.
Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa
nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa,
zidliwe ngumlilo.
Ngokuba sizalelwa umntwana,
siphiwa indodana;
umbuso uyakuba semahlombe akhe,
negama lakhe liyakuthiwa
uMluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
iNkosi yokuthula.
Umbuso uyakuba mkhulu,
ukuthula kungabi nakuphela
esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe,
ukuze uqiniswe, usekelwe
ngokwahlulela nangokulunga,
kusukela manje kuze kube phakade.
Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo